isizulu micro lesson presentation university of johannesburg

SduduzoSbahle 549 views 10 slides Aug 12, 2024
Slide 1
Slide 1 of 10
Slide 1
1
Slide 2
2
Slide 3
3
Slide 4
4
Slide 5
5
Slide 6
6
Slide 7
7
Slide 8
8
Slide 9
9
Slide 10
10

About This Presentation

teaching and learning


Slide Content

Qagela isifundo sosuku ! +

Izinhlobo zezabizwana Isabizwana soqobo Isabizwana sokukhomba Isabizwana songumnini . Isabizwana sokubala.

Imiphumela yesifundo . Uma kuphela isifundo abafundo kumele bazi ; 1. Ukuchaza isabizwana soqobo. 2. Ukusho imisebenzi yaso . 3. Ukugagula isabizwana emshweni bazi nokuthi sakheka kanjani . 2024/05/23 3

Siyini isabizwana soqobo? Isabizwana soqobo yigama elimele ibizo emshweni , elingabuye lisebenze kanye nalo futhi ibizo emshweni . Imisebenzi yesabizwana soqobo emshweni . Ukumela ibizo . Ukuqhathanisa Ukugcizelela .

Ukumela ibizo Isabizwana soqobo siyalimela ibizo emshweni lapho sithatha Indawo yebizo . Singamela ibizo eliyinhloko noma ibizo elingumenziwa emshweni . Isabizwana soqobo simela ibizo emshweni ukuzekugwemeke ukuphindaphindeka okungabalulekile . Ukusebenzisa isabizwana soqobo kwenza nomusho ufundeke kahle , ugeleze . Isibonelo: Izingane zijabule ngoba izingane ziphathelwe ubaba wazo amaswidi . Izingane ziwadle wonke amaswidi azo . Izingane zijabule ngoba zona ziphathelwe ubaba wazo amaswidi . Zona ziwadle wonke amaswidi azo .

Ukuqhathanisa Isabizwana singasebenza kanye nebizo emshweni ukuze siqhathanise . Uma siza ngemuva kwebizo sisuke siqhathanisa ubunjalo bebizo . Isibonelo: Umama yena ubaluleke kunabo bonke . Umngani uyena omuhle ukubedlula bonke . Ukufunda kona kubaluleke kunakho konke

Ukugcizelela Isabizwana singasebenza kanye nebizo emshweni ukuze sigcizelele . Uma siza ngaphambi kwebizo sisuke sigcizelela ubunjalo bebizo . Isibonelo: Yena umama ubalulekile kimi . Yena umngani wami muhle impela . Khona ukufunda kubalulekile kakhulu .

Ukudalula isabizwana emshweni . Isabizwana soqobo sibonakala ngesakhi u (- na ) noma u – ana . Sizobheka ividiyo ka Thabiso Mazibuko echaza ngokuxhumana kwesabizwana ; https:// youtu.be /x- RPCJDGajQ Siyabona ukuthi isabizwana soqobo sakheka ngoku hlanganisa isivumelwano se nhloko + isakhi sesabizwana u ”o” kanye nesiqu sesabizwana u (- na ) Isibonelo : amazwe a…= a+o+na = wona . Izingane zi ….= zi+o+na = zona

Umsebenzi we quiz . Kahoot .

Isiphetho . Abafundi bafundeni ? Kungabe yini abayithande ngesifundo sosuku Ngizophetha isifundo sosuku . Ngibanike umsebenzi wasekhaya .