IsiZulu Ulimi Lwasekhaya: USobizo-Isabizwana

sandiswamhlongo2004 1 views 12 slides Oct 27, 2025
Slide 1
Slide 1 of 12
Slide 1
1
Slide 2
2
Slide 3
3
Slide 4
4
Slide 5
5
Slide 6
6
Slide 7
7
Slide 8
8
Slide 9
9
Slide 10
10
Slide 11
11
Slide 12
12

About This Presentation

Isabizwana Soqobo singena igama elingena esikhundleni sebizo eliyinhloko noma elingumenziwa.


Slide Content

Usobizo

Asibheke esikwenze esontweni eledlule Usobizo : igama elisebenza njengomenzi noma umenziwa emshweni . Ibizo : igama lento ebonakalayo noma engabonakali Ibizonto Ibizoqoqa Ibizomuntu Ibizomvama Ibizomfakela Ibizongxube

Imiphumela Yesifundo

Siyini isabizwana?

Izinhlobo zezabizwana

Isabizwana Soqobo Isabizwana soqobo singena esikhundleni sebizo Lesi sabizwana singena esikhundleni sebizo eliyinhloko noma elingumenziwa . (Yena; bona; zona; lona ; khona ; njll ) Isibonelo : Umama ushaya ingane . Yena ushaya ingane . Umfana ulusa izinkomo . Umfana ulusa zona.

Isabizwana Soqobo Uma okhulumayo esebunyeni ebunyeni isabizwana soqobo ngu – mina. Isibonelo : Mina ngiyakuthanda ukudla . Uma abakhulumayo besebuningini isabizwana soqobo kuba ngu – thina . Isibonelo : Thina sivamise ukudla inyama yenhloko . Uma isikhulumi sikhuluma nomuntu isabizwana soqobo kuba ngu – wena , Isibonelo : Wena kumele ufunde ukuvala umlomo . Ebuningini kuba ngu – nina Isibonelo : Nina anibahloniphi abantu abadala .

Ibizo Isibonelo Sesabizwana Soqobo 1. Umuntu Yena 2. Abantu Bona 1a.Ugogo Yena 2a. Ogogo Bona 3. Umuthi Wona 4. Imithi Yona 5. I(li)hhashi Lona 6. Amahhasi Wona 7. Isitulo Sona 8. Izitulo Zona 9. Inja Yona 10.Izinja Zona U(lu)nyawo Lona 14. Ubuso Bona 15. Ukudla Khona

Kwelokuphetha Isabizwana Soqobo singena igama elingena esikhundleni sebizo eliyinhloko noma elingumenziwa . (Yena; bona; zona; lona ; khona ; njll ) Uma okhulumayo esebunyeni ebunyeni isabizwana soqobo ngu – mina. Uma abakhulumayo besebuningini isabizwana soqobo kuba ngu – thina . Uma isikhulumi sikhuluma nomuntu isabizwana soqobo kuba ngu – wena , kanti ebuningini kuba ngu -nina

Imibuzo???

Umsebenzi wasekilasini ( Wayground.com ) https://wayground.com/join?gc=60509858 6050 9858

Umsebenzi wasekhaya Guqula amabizo asemshweni engezansi ngokufaka isabizwana esifanele. UThami uthanda izinja. Umama nobaba babheke ehholo. Izakhamuzi aziwuthandi umsindo. Izolo kade sidla ujeqe. Abafundi bayamuthanda uthisha wabo wesiZulu.
Tags