IsiZulu grade 8 isabizwana.lesson presentation

rebafuze25 9 views 3 slides Oct 24, 2025
Slide 1
Slide 1 of 3
Slide 1
1
Slide 2
2
Slide 3
3

About This Presentation

IsiZulu lesson presentation


Slide Content

LUYANDA SHABANGU
ISIZULU
GRADE 8
IZIMISO NOKUSETSHENZISWA KOLIMI
Who
Nginguthisha wesiZulu ofundisa eskoleni iMzinoni Secondary School. Ngifundisa ibanga le 8.
Nginabafundi abanga 50 lapho amantombazane anenani elinga 25 Kanti abafana banenani
elinga 23. Abafundi bakhuluma IsiZulu Kanti akekho okhuluma ulimi oluhlukile. IsiZulu
sabafundi asihlelekile Kahle njengoba besebenzisa imisindo engafanele ukubiza amagama
( umqondo bathi umcondo ).
Abafundi baphuma emakhaya angasokoli kangako ngakwezomnotho kanti Futhi bangama
Khrestu. Kunomfundi obukeka ephazamisekile njengoba abanye abafundi bemucwasa
ngokomzimba,lokhu kumphazamisa kakhulu umfundi njengoba engakhulumi ekilasini Uma
abanye abantwana bekhuluma.
What for
INHLOSO YESIFUNDO
Inhloso yesifundo ukufundisa abafundi
-Ukuthuthukisa ulimi lwesiZulu kubafundi
-Ukuthuthukisa ikhono lokuhlaziya kumfundi
-Ukuthuthukisa ikhono lokhukhuluma ulimi olunothile
Imiphumela yesifundo

Abafundi kumele bakwazi uku-uku-
-Ukuzebenzisa isabizwana esifanele emshweni
-Ukuhlukanisa uhlobo lwezabizwana
-Khipha isabizwana kunoma imuphi umusho asuke ewunikeziwe
When
Isifundo sizoba emvakwekhefu, kuzoba isifundo sesibili emvakwekhefu sizoqala NGO 11:15
siphele ngo12:14. Lesi yisikhathi esanele ukufundisa isifundo sanamuhla njengoba sizobe
sikhuluma ngesabizwana sodwa.
Where
Isikole sisendaweni yaselokishini laseBethal ukuyiMzinoni. Isikole sethiwe ngegama lelokishi
iMzinoni Secondary School. Siseduze ne main road Futhi sinamanzi Kanye nosizo

olwengeziwe okuwumbane wokukhanyisa Uma kuhambe ugesi Kanti uphinde ulekelele
abafundi abenza iCAT ukuthi bengasokoli ngesikhathi sokufunda. Isifundo sizoba ekilasini
lebanga le8. Abafundi abanazo izihlalo esanele Kanti nekilasi alivulekanga ngokwanele lokhu
kwenza abafundi begcwale becishe ukushayisa ibhodi ebese uthisha engasitholi isikhala
sokuhamba.
What
ULWAZI LWABAFUNDI
Abafundi bazokwethula abakwaziyo ngesabizwana
Babuze umibuzo
AMAKHONO
-Ikhono lokuchaza kumfundi
-Ikhono lokuhlaziya kumfundi
-Ikhono lokubhala IsiZulu esimtoti
UKUZIPHATHA KWABAFUNDI
-Kumele bahloniphe Futhi bahloniphane
-Bangasimoshi isikhathi ngokubanga umsindo
ISIFUNDO SANAMUHLA
-Yini isabizwana
-Isabizwana njengocwezu oluncane lwebizo
-Isabizwana sokukhomba
-Isabizwana soqobo
-Umsebenzi wesabizwana
IMIBUZO ENGAVELE
-Yini isabizwana
-Senza muphi umsebenzi emshweni
-Isabizwana soqobo sihluke ngani kunesokukhomba
How
UKUMEMA ABAFUNDI
Umsebenzi kathisha
-Ukubingelela abafundi
-Ngethule isifundo sosuku
Umsebenzi wabafundi
-Ukulalela
-Ukuphendula umibuzo
UKUHEHA ABAFUNDI
-Ngizobuza umibuzo elula nje ukuze bakwazi ukungena esifundweni
-Isabizwana “lokhuya “ siyiluphi uhlobo lwezabizwana
Umsebenzi wabafundi
-Ukuphendula umibuzo

-Ukulalela nokusebenzisana nothisha
OKUZOSETSHENZISWA
Incwadi yomfundi yebanga 8
ISIKHATHI
30-40 imizuzu
UKUBUYEKEZA
-Esifundweni sanamuhla kukhulunywe ngesabizwana
-Abafundi bazokwethula abakufundile
-Bazokwethula nokusha abakufunde namuhla
Tags